Ukumisa inkambiso eyodwa yokuhambisa ngokoMthetho ugesi, igesi ekumapayipi kanye nezimboni zamapayipilayini kaphalafini wamalambu; kanye nokunikeza izindaba eziphathelene kanye nakho.
Inkambiso Yamandla kaZwelonke imiswe ngalokho njengomuntu osemthethweni.
Inkambiso Yamandla iqukethe amalungu amathathu aqashwe ngokugcwele kanye namahlanu esikhashana amiswe nguNgqongqoshe.
UNgqongqoshe kumele akhethe oyedwa wamalungu omiswe ngaphansi kwesigaba esingaphansi kwe-1 njengomgcinisihlalo Wenkambiso Yamandla.
Ungqongqoshe kufanele abeke elinye kumalungu aqashwe ngokuphelele ukuthi abhekane ngokubalulekile nokulawulwa kogesi , elinye ukulawulwa kwegesi nelinye ukulawulwa kwamapayipi kaphalafini.
Uma umgcinisihlalo ngesizathu esithile engakwazi ukwenza imisebenzi yakhe, lawa amanye amalungu kumele akhethe omunye umuntu ngaphakathi kwabo ukuthi aphathe njengomgcinisihlalo kuze kube yisikhathi lapho umgcinisihlalo akwazi ukuqalisa ukwenza imisebenzi yakhe noma omunye umgcinisihlalo amiswe nguNgqongqoshe.
b UNgqongqoshe angaphinde aliqashe ilungu; kanye c Nokuthi uma ilungu lesikhashana noma eliqashwe ngokugcwele leNkambiso Yamandla liyeka ukubamba isikhundla nganoma yisiphi isizathu, uNgqongqoshe angaqasha omunye umuntu endaweni yakhe isikhathi esifinyelela ezinyangeni eziyishumi nambili ngale kokuhambisana nesigaba 67.
Amalungu Enkambiso Yamandla kumele akhokhelelwe ukusebenza kwawo amaholo anje kanye nezibonelelo ngendlela ezobekwa nguNgqongqoshe ngokuvumelana noNgqongqoshe Wezimali.
d enomqondo onokungqubuzana ngokuphathelene nalolu daba.
ngendlela ezokwenza ukuthi kube khona ukufinyeleleka kokulingana okufanele phakathi kokuqhubeka kanye nokwakha ukwazi.
Ilungu akumele nangasiphi isikhathi libe khona ezingxoxweni, zokuthatha isinqumo, noma abambe iqhaza kunoma yiyiphi indaba ngaphambi kweNkambiso Yamandla lapho ilungu noma ashade naye, athandana naye impilo yakhe yonke, ingane noma asebenzisana naye enothando oluqondile noma olungaqondile.
Uma ilungu lithola noma licabanga ukuthola uthando kwezezimali esigatshaneni 3 b, leli lungu kumele ngokubhala lisheshe lazise lolu lwazi kuNgqongqoshe kanye Nenkambiso Yamandla.
Uma ashade naye , noma ahlala naye impilo yonke lithola noma licabanga ukuthola uthando esigatshaneni 3 b, leli lungu kumele ngokubhala lisheshe lazise lolu lwazi kuNgqongqoshe kanye Nenkambiso Yamandla.
Ngaphambi kokuqasha ilungu leNkambiso Yamandla, uNgqongqoshe kumele ngesaziso kuGazethi, acele ukuba kukhethwe emalungwini omphakathi.
Isaziso esishicilelwe ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho, esicela ukuthi kukhethwe abantu bokuqala bokuqashelwa kuNkambiso Yamandla kufanele sithathwe njengesishicilelwe ngokuyiqiniso ngokwesigatshana 7.
d Lephula isivumelwano sokwenza umsebenzi ngokulandela lo Mthetho noma uMthetho weGesi noma uMthetho wamaPayipilayini Kaphalafini Wamalambu; noma e Likhishwa ekubeni yilungu nganoma yisiphi sezizathu ezinikezwe esigabeni-6 1.
UNgqongqoshe angaqeda ukuqashwa kwelungu Kunkambiso Yamandla uma lelo lungu liziphatha ngendlela ephikisana nokulungisela kwesigaba se- 9.
Imihlangano Yenkambiso Yamandla a Inkambiso Yamandla kumele ihlangane ngezikhathi kanye nasendaweni ezowubekwa ngumgcinisihlalo.
b Umgcinisihlalo uzawubiza imihlangano enjena yeNkambiso Yamandla uma edingeka ukuze kwenzeke imisebenzi yayo ngemfanelo.
Umgcinisihlalo uzothi, lapho ethola isicelo esibhalwe yisikhulu esiphethe noma amalungu amabili, abize umhlangano ongajwayelekile ozobanjwa emavikini amabili emva kosuku lokuthola isicelo esinje.
Ngaphandle kokuthi ezinye izinqubo zibekiwe, umgcinisihlalo wanoma yimuphi umhlangano Wenkambiso Yamandla kumele aphakamise izinqubo okumele zilandelwe emihlanganweni enjena.
Ikhoramu yanoma yimuphi umhlangano weNkambiso Yamandla inani elikhulu lamalungu akhona noma amalungu amane, noma yikuphi okukhulu.
a Isinqumo samalungu amaningi akhona emhlanganweni siqukethe isinqumo seNkambiso Yamandla.
b Uma amavoti angalingani nganoma yiluphi udaba umuntu ohola umhlangano unevoti lokwengeza ngaphezu kwevoti eliyilungelo lakhe.
Asikho isinqumo esithethwe Yinkambiso Yamandla esingekho emthethweni ngoba yokuba khona kwesikhala Enkambisweni Yamandla noma ngoba omunye umuntu onelungelo lokuhlala njengelungu wahlala njengelungu ngesikhathi isinqumo sithathwa uma ngabe wonke amanye amalungu ayekhona emhlanganweni futhi anelungelo lokuhlala njengamalungu emhlanganweni ayenza ikhoramu futhi nesinqumo sithethwe wubuningi bamalungu akhona futhi anelungelo lokuvota.
IIsikhulu esiphethe noma uma engekho umqashwa weNkambiso Yamandla okhethwe yisikhulu esiphethe , uzongenela yonke imihlangano Yenkambiso Yamandla futhi uzoba nelungelo lokukhuluma kodwa angavoti emihlanganweni enje.
a Noma yimuphi umhlangano Wenkambiso Yamandla kumele uvumele umphakathi ukuba ube khona ngaphandle kokuthi uma umhlangano wenza isinqumo ngokuthi udaba okuzobhungwa ngalo luyimfihlo, noma ulwazi olubucayi lokusebenzisana ngokuhwebelana, ngaloko umuntu othintekayo kumele abonise Inkambiso Yamandla ukuthi ingaluvezi ulwazi olunje emphakathini.
b Uma Inkambiso Yamandla ithatha isinqumo nganoma yiyiphi indlela ngaphandle kwasemhlanganweni osemthethweni, lesi sinqumo sisebenza ngaleso sikhathi kodwa kumelwe sibhalwe, sisayinwe ngamalungu amaningi bese sethulwa ukuze sinotwe emhlanganweni wokuqala osemthethweni Wenkambiso Yamandla ukulandela isinqumo.
c Inkambiso Yamandla kumele ibe nesizathu sokugcina amarekhodi ako konke okwenziwayo kwayo.
UMthetho wegesi; kanye iii NoMthetho Wamapayipilayini Kaphalafini Wamalambu.
e bangazisondezi noma bahoxe ekuvoteni noma ekuxoxeni noma yiyiphi indaba emile ngaphambi Kwenkambiso Yamandla abanozwela oluqondile nolungaqondile kuyo; kanye f nokwenza ngendlela edingekayo nokulindelwe kubaphathi bezikhundla zehhovisi lomphakathi.
t ngokubhala; kanye g nangokuchaza kucace ngokweseka ngezoMthetho kanye namaphuzu kanye nezizathu zaloko.
Noma Yisiphi isinqumo seNkambiso Yamandla kanye nezizathu zaso kumele zivezelwe umphakathi ngaphandle kolwazi iNkambiso Yamandla enquma ukuthi luyimfihlo, lubucayi, ngobunikazi nangokuhweba.
Noma yimuphi umuntu othelelwa kabuhlungwana yizinqumo zenkambiso Yamandla angaletha lezi zinqumo ukuba zibukezwe eNkantolo ePhakeme.
Inkambiso Yamandla kumele iqashe i-ofisa lesigungu elikhulu lenkambiso Yamandla.
b Sokuqasha abasebenzi noma angene kukontileka nanoma yimuphi umuntu ukusiza Inkambiso Yamandla ekwenzeni imisebenzi yayo; kanye b ukuphatha kokuhola ngaphezu kwabasebenzi abaqashwe ngaphansi kwesigaba esingaphansi kwe-2 b.
Isikhulu esiphethe kanye nabanye abasebenzi kumele bakhokhelwe iholo, nesibonelelo, ukuxhaswa kanye nezinye izinzuzo ezizobekwa Yinkambiso Yamandla ngokuvunywa nguNgqongqoshe kanye noNgqongqoshe Wezimali.
Ngokungaphikisani nesigaba esingaphansi kwe-1 kanye ne-2 b, uNgqongqoshe angathola ukuthi Inkambiso Yamandla imise noma isebenzise abantu abaqashiwe noma abakukontileka kwezinye iziphathimandla ezinelayisense noma ezihambisa ngoMthetho eziwela ngaphansi kwamandla esikhundla kaNgqongqoshe.
Isigaba-9 sisho noma yiliphi ilungu labasebenzi leNkambiso Yamandla, elinezinguquko ezidingwa yingqikithi.
c inkokhelo yokuqeda izingxabano kanye nezinsizakalo ezinikezwayo; kanye d nezinkokhelo zamalayisense.
b izimali eziqokelelwe ngaphansi kwesigaba 5B soMthetho Kagesi; kanye c namalevi afakelwa wuMthetho noma ngaphansi koMthetho owehlukile.
Inkambiso Yamandla kumele yenze imisebenzi yayo ngokulandela uMthetho Wokuphatha Izimali Zomphakathi, ka-1999 UMthetho No. 1 ka-1999.
Inkambiso Yamandla kumele ivule i-akhawunti noma amaningi ngegama layo esikhungwini sezimali esaziwayo bese sifaka kuyo yonke imali etholakele kumithombo ecatshwangwe kusigaba-12.
Amarekhodi ezezimali eNkambiso Yamandla kumele ahlolwe abalwe nguMbali Zimali Jikelele.
Unyaka wezimali Wenkambiso Yamandla uqala ngomhlaka-1 Apreli womunye unyaka uphelele ngomhla ka-31 Mashi wonyaka olandelayo.
Umbiko wonyaka wobunye bomphakathi odingekayo ngokulandela uMthetho Wokuphatha Izimali Zomphakathi, ka-1999 UMthetho No.
e isimo ngokuphathelene nempilo nokuphepha ezimbonini; kanye f nezinye izindaba ezinje Inkambiso Yamandla ezibona zidingeka.
Imithetho eshiwo kuSheduli iyachithwa noma ichitshiyelwe ngendlela okuboniswe ngayo kukhalomu yesithathu yeSheduli.
a ngokushesha umuntu uzoba sehhovisi lezikhulu esiphethe seNkambiso Kagesi Kazwelonke ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho kufanele abe yisikhulu esiphethe seNkambiso Yamandla b abantu ababengabasebenzi benkambiso kagesi kazwelonke ngokushesha ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho kufanele babe abasebenzi beNkambiso Yamandla c izimpahla zeNkambiso Kagesi Kazwelonke kufanele ziye eNkambisweni yamndla bese iNkambiso Yamandla ithwala izikweletu zeNkambiso Kagesi Kazwelonke.
Lo Mthetho ubizwa uMthetho Wenkambiso Yamandla, ka-2003, futhi uqala ukusebenza ngosuku oluzobekwa nguMongameli ngokuthi awazise ngaphakathi kwe-Gazethi.
Ukuchithwa kwezigaba 2, 2A, 5, 5A, 5C, kanye 5D.
Inkambiso Yegesi" isho Inkambiso Yamandla Kazwelonke njengoba imiswe yisigaba sesi-3 soMthetho Wenkambiso Yamandla 2004".
Inkambiso Yegesi" isho Inkambiso Yamandla Kazwelonke njengoba imiswe yisigaba 3 soMthetho Wenkambiso Yamandla 2004".
Wamalambu" isho ukuthi Inkambiso Yamandla Kazwelonke njengoba emiswe yisigaba 3 soMthetho Wenkambiso Yamandla 2004".
